Ukubona lnqubekela phambili eseyenzekile kusu kela kuqala um-buso wentando yeningi, mayelana noguquko kuzinhlelo zobulungiswa ukuqiniseka ukufinyelela kwezobulungiswa nokuphenduleka kwezinqubo kuwonkewonke, ngaphandle kobuhlanga, ubulili, amasiko nesimo sakho.
Unelungelo lokuthi unakekelwe ngokushesha nan- gokucophelela, uphatheke ngokuhlonipha isithunzi sakho nokuqikelela imfihlo kuwo wonke amalungu anoma imuphiumnyango, izikhungo, izindawo noma izinhlangano ezimayelana noma ezinikeza usizo kuwe-na (emva kwalokho ezaziwa njengabani kezi bosizo).
Amaphoyisa, ngesikhathi sophenyo; abashushisi noma izikhulu zenkantolo ngesikhathi sokulungiselelwa kwe- cala noma ngesikhathi sokuthethwa kwecala; kanye nabanye abanikela ngosizo, bazokwenza imizamo yokuzama ukunciphisa noma ikuphi ukukuxakanisa okubangwa, phakathi kwezinye izinto, Ukubuzwa imi- buzo ngolimi olukhethile noma olwaziyo ngasese uma kunesidingo.
Unelungelo lokunikeza ulwazi ngesikhathi sophenyo lwecala nangesi khathi so kuthethwa kwalo.
Amaphoyisa, umshushisi kanye nesikhulu somnyango wezamajele bazothatha izinyathelo ukuqiniseka ukuthi noma ikuphi ofuna ukukufaka ophenyweni, ekushushisweni nasekulalelweni kwesicelo sokuphule- Iwa isigwebo kuyalalelwa futhi kucatshangelwe uma sekunqunywa ukuthi kuqhutshekwe yini nophenyo noma ekushushisweni noma ekuphulweni kwesigwebo.
qunyweni kwesigwebo futhi/noma ekulalelweni kweB- hodi Lokwephulwa Kwesigwebo. Kusho ukuthi uzothola ithuba ukwenza isitatimende esinye emaphoyiseni uma ubona ukuthi isitatimende sakho sokuqala asiphelele; unganikeza futhi, la kuvuma khona, isitatimende enkantolo noma unike ubufakazi ngesi khathi sokukhishwa kwesigwebo ukuveza umthele- la obangelwa ubugebengu ekwazini kwenkantolo.
Kanti futhi ungenza isicelo esibhaliwe esiya kuSihlalo weBhodi Lokwephulwa Kwesigwebo sokuba khona ekulalelweni kwesicelo sesaphulo sesigwebo ufake nemibono yakho ebhalwe phansi.
Unelungelo lokwaziswa ngamalungelo akho nokuthi ungawasebenzisa kanjani. Njenqenxenye yelungelo lakho, ungacela Ukuni kezwa incazelo yanoma ikuphi ongakuzwisisi kahle ngolimi olwaziyo. Unelungelo lokuthi uthole ulwazi nokuthi waziswe ngalo lonke usizo olukhona olunikezwa abanikezi bosizo.
Uzokwaziswa ngeqhaza ozolibamba ecaleni nangesili- nganiso sesikhathi esingathathwa ukuthethwa kwecala. ungacela ulwazi olumayelana nosuku lokulalelwa kwe- cala, nemali ekhokhelwa ofakazi nangoHlelo Lokuvi kela Ofa kazi.
Ungabuza ngesinqumo esithathwe inkantolo mayelana necala lakho ukuthi lizoshushiswa noma cha. Uvumelekile ukuthola amabhuku umthetho okuvumela Ukuthi uwathole.
Ungacela ukuthi Umnyango Wezamajele ukwazise uma ummangalelwa eqile ejele noma eshintshelwe kwelinye ijele.
Unelungelo lokucela usizo futhi, lapho kunesidingo khona, ukwazi ukuthola usizo Iwezenhlalakahle, eze- mpilo nokwelulekwa, kanye futhi nosizo lwezomthetho okuyilona oluzobhekana nezidingo zakho.
Umshushisi uzoqiniseka ukuthi izidingo ezibalulekile ziyalandelwa uma kumayelana nokuhlukumezeka ngokocansi, udlame lwasekhaya, ukunakekelwa kwa- bantwana noma okuphathelene nesondlo, kulokho, nalapho kutholakala, amacala anjengalawa alalelwa ezinkantolo ezi khethelwe.
Uma unesidingo esithile, zonke izikhungo zosizo zizo-zama, ngokwemisebenzi yazo, ukuthatha izinyathelo ezifanele ukuhlangabezana nezi dingo zakho ngoku- qiniseka ukuthi uthathwa ngendlela enozwelo.
Unelungelo lokunxeshezelwa ngokulahlekelwa noma ukulinyalelwa impahla okwenzeke ngesizathu sobuge- bengu obukwenzekele.
Ukunxephezelakusho inani lemali inkantolo ebhekana mamacala obugebengu eyinikela lowo olahlekelwe noma olinyalelwe impahla, kubala imali, ngesizathu sesenzo sobugebengu noma okuthathwe umuntu obanjelwe ukwenza ubugebengu.
Umshushisiuzokwazisa uma isicelo sakho sokunxeshe- zelwa sibe impumelelo, akuchazele ingqikimba yaso nokusetshenziswa kwaso. Ungafaka icala lokuhlu ku- mezeka kummangalelwa uma inkantolo iphikisana nokukunxephezela. Lokhu kuvamise ukwenzeka uma kungelula ukubeka inani lokulinyalelwa kwakho, njengokuthi uma uhlukumezeke ngokwengqondo, ngobuhlungu noma ngokomoya.
Unelungelo lokubuyiselwa impahla noma indawo yakho uma ithathwe ngendlela engahambisani nomthetho, noma uma impahla noma indawo yakho ilinyazwe ngokungewona umthetho.
Ukubuyiselwa kuqonde amacala lapho inkantolo, emva koku banjwa, iyalela ummangalelwa Uku buyisa impahla noma indawo yakho ethathwe ngokungemthetho, noma alungise impahla noma indawo yakho elimale ngokungemthetho, ukuze kubuyele esimeni obekuyiso ngaphambi kokwenzeka kwaleli cala.
Umshushisi uzokwazisa ukuthi Ukubuyiselwa ku- mayelana nani nomabhalane wenkantolo uzokusiza ukuqiniseka leli lungelo.
Uma wazi Ukuthi unelungelo lokufaka isikhalazo sakho, ungathintana nalowo mnyango kahulumeni noma isikhungo sezosizo uma unesi khalazo ngosizo olutholayo, noma uma amalungelo akho engabonelelwanga.
IKhomishana Ebhekele Ukulingana Kobulili d.
Abomnyango Wezobulungiswa nezokuthuthukiswa KoMthethosisekelo bayabonga kuzo zonke izinhlangano okungezona ezi kahulumeni nezi khungo zezemfundo ephakeme ngokubamba iqhaza ekuphumeleleni ukusu- ngula lo Mqulu Wabahlukumezekile.
